Ukukhumbula Abathandiweyo Bethu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Amahubo 27:10 Ngokuba ubaba nomame bangishiyile kodwa uJehova uzokungamukela
Njengoba kungesensuku ngaki singene kuKhisimusi kulelisonto,abanye abantu sebelangazelele isikhathi esimnandi bewugubha bengumndeni ndawonye .Abanye abalangazelele kakhulu .
Namhlanje udadewabo womunye wozakwethu bekuzobe kugujwa i-birthday yakhe ,kodwa ngeshwa washona eminyakeni emibili edlule ngenxa yesifo esabe sesimudle isikhathi eside .
Ngakho namhlanje empilweni yalozakwethu ekunye nomamawakhe wusuku olumuncu lolu ,njengokuba becabanga bekhumbula kakhulu udadewabo u-Cori .Futhi ngesikhathi begubha ukhisimusi njengomndeni bazomkhumbula kakhulu ,begcwele ukudumala ezinhliziyweni .
Kuliqiniso lokhu kwabaningi futhi .Mhlawumbe ngukushona kothandiweyo wabo,kumbe umndeni uhlukene .Kwabanye kuzobe kungumzwangedwa omkhulu ngesikhathi begubha uKhisimusi .Ngakho u akukhona ongena kukho kosengikuphawulile ,ngithanda ukukucobelela leliZwi namhlanje :
Amahubo 27:10 Ngokuba ubaba nomame bangishiyile kodwa uJehova uzokungamukela
Abukho ubuhlungu obukhulu bokushiwa obungaphezu bokushiwa ngabazali bakho .Nokho umbhali wamahubo uthi nakuba lolusizi lumehlele ,uJehova uzomgcina Yena .
UJesu uyakukwazi lokhu .Ngesikhathi elenga esiphambanweni ,wayelahlwe yibo bonke abantu ;umndeni ,abangani ,ngisho nanguBaba waKhe osezulwini ngesikhathi ubudlelwane babo baklayeka bamaklebhuklebhu ngenxa yezono zami nezakho.
Lowo Jesu nguJesu kanye lowo owakuhluphekela ,nguJesu lo okuzalwa kwakhe kuzogujwa ezinsukwini ezimbalwa – lowoJesu nguJesu kanye ozoba nawe ,kungakhathalekile noma ngabe ubani onesizungu sakhe omkhumbule empilweni yakho.
NguJesu ongowakho lo.Yebo iZwi likaNkulunkulu ligcwele induduzo ,ukusiqinisa ,izethembiso kanye namandla ,kithi ngamunye .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..