... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Wawuthanda Umhlaba Ogcwele Isono

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

Kungani uJesu weza kulomhlaba ? Kungani kungukuthi esikhathini esithi asibe ngangesonto sizobe sigubha ukuza kwaKhe ngohlelo olubizwa ngokuthi nguKhisimusi ? Kungani ? 

Kulezinsuku ezimbalwa sibonile ukuthi yonke inhloso yokuza kukaJesu emhlabeni  ngukusiholela eMbusweni kaNkulunkulu ,futhi indlela eyodwa kuphela yokungena kulowoMbuso  ngukuzalwa ngokusha  ngokuphenduka okunqala  [ukuzalwa ngamanzi] nokuphila impilo yokwenziwa busha  [ ngokuzalwa ngoMoya ] .

Lokho kwenzeka uma sikholwa ngukuthi uJesu wafa ukususa izono zethu nokuthi wavuka ukuze asinike impilo entsha ceke .Kodwa manje empeleni kanti kungani ukuba uNkulunkulu wathumela iNdodana yaKhe  uJesu kulomhlaba ? Nansi : 

NgokukaJohane  3:16Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka,

waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

Yebo nebala yindima le ejwayelekile kwabaningi kodwa manje ngakube siyazi ukuthi iqonde ukuthini? 

UNkulunkulu walithanda izwe kangaka ,waze ….igama lesiGrekhi elisebenzisiwe lapha ukuchaza izwe/umhlaba  lithi “ Cosmos”.Lisetshenziwe ngokungu 186 kwi Thestamente Elisha  futhi njalo uma lisebenza ligcwele umqondo wokuchaza izwe ngokobuzwe besono . 

Omunye umhlaziyi weZwi ubhala athi : Kuyamangalisa ! UNkulunkulu othanda izwe eligcwele isono .

Yebo! uNkulunkulu uyasithanda isoni .Akusikho ukuthi uKhrestu weza ukuzosisindisa singekho isono .Kunomehluko omkhulu la .Lowomehluko wuthando .Uthando olukhulu ngangokuthi awekho amazwi angaluchaza .Yisona sizathu kanye .Yilokho okwaqhuba uNkulunkulu .Futhi uma ukholwa nguJesu ,ngiqonde uma  umkholwa ngokwempela ngokokujula kwenhliziyo yakho ,ngempilo yonke ,nakanjani ngeke ulahlwe ,sewuvele sewungenile ekuphileni okungunaphakade . 

Uzelwe ngokusha ?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..