... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngomusa KaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu

Listen to the radio broadcast of

Ngomusa KaNkulunkulu


Download audio file

Kubukeka  ziningi izinto kulokhu kuphila ezifuna ukusebenza kanzima kithi .Imishado emihle ayivesi izanzakalele nje idinga imijuluko nokuzimisela kwabakuyo .

Ukukhulisa izingane kudinga amandla amaningi .Ukuzithuthukisa ngokwezemfundo kudinga ukujuluka nokuzikhandla okuningi ….uyasibona lesithombe engisibeka la ,angithi?

Angazi uzizwa kanjani empilweni yakho ngezinto ezifuna uzisebenze kanzima usuku nosuku ? Kungaba yinto enzima .

Futhi phezu kwalokho uma ungumlandeli kaJesu ,wathembisa ukuthi ukuphila izimpilo zethu siphilela Yena kuyoba nzima kakhulu .

Umuzwa wokungazethembi kahle .Ngokunye esibhekana nakho  … Kuhamba kanjani kimi ohambeni lwami noJesu? Ngakube akulindele kimi uyakuthola kodwa uJesu ? Kaze ngiyothini uma kungukuthi ekugcineni ,angimuhle ngokuphelele ?

UNkulunkulu uyazi ukuthi unokuningi okuqhubekayo. Uyaziqonda zonke izingcindezi ongaphansi kwazo .Kodwa enkulu kunazo zonke yilomuzwa wokuthi  Ngakube ngimuhle ngokwanele ?  – Lomuzwa ungosusiwe kuwe ngokuphelele .Usewuthathile lomthwalo kuwe  ,wona lo kanye onemiphumela engemihle ingunaphakade ,uwuthathe wawubeka emahlombe omunye .

2 KwabaseKhorinte  5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu .

Kumbe njengokuba u A.W. Tozer  eyibeka kanje , “Isono kuphela uJesu ayenaso kwakuyileso sethu .Ubungcwele kuphele esingaba nakho yilobo bakhe .”

Mina nawe ngokwethu asisoze saba bahle ngokwanele .Kodwa uma sikholwa nguJesu ..sesivele sibahle .Ngumusa ke lowo .

Futhi  Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy