Bhunkula Yima
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Daniyeli 1:8,9 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo ,wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi .UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa .
Ukuhlubuka uNkulunkulu imvamisa ,akuqali ngento enkulu .Yebo nebela kuyenzeka kwesinye isikhathi ,kodwa kwezinye akubi njalo ,kuqala ngento encane egcina ekhukhumala njengegwinya uqobo igcine isiyidombolo lokuhlubuka .
Mumva le ,kwiThestamente Elidala abantu bakaNkulunkulu babebizelwe ukugwema ukudla kohlobo oluthile .Yebo kwakubalungele lokho ngokwesikhathi ,kwaze kwaba ziyaguquka izinto sebeyiswa ekudingisweni eminyakeni ela ko 586 BC.Omunye walabantu bakaNkulunkulu ,insizwa esencane egama layo nguDaniyeli ,isizithola isesigodlweni seNkosi uNebhukhadinezari.
Usungazicabangela ukuthunazeka kwesiko lamaJuda emva kokuba amaBhabhiloni ecekele phansi iJerusalema elabe liyinhloko yenkolo yawo .Lolophawu lwalusho emhlabeni ukuthi wehluliwe futhi akalutho uNkulunkulu wama Israel.
Ngasekuqaleni kwendaba ,uDaniyeli [oyisigqila kulesosikhathi ] ubhekene nenkanankana yenkinga yokuthi adle noma angakudli ukudla okubekwe phambi kwakhe . Ngihloniphe uNkulunkulu ,obukeka ehluliwe ,kumbe ngihambe neningi ngizidlele ukudla nami ? Akesiyizwe kahle lendaba:
Daniyeli 1:8,9 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo ,wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi .UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa .
UDaniyeli wanquma ukubhunkula ame amele into engambiza alahlekelwe yimpilo yakhe .Kwambiza ukholo nesibindi, uNkulunkulu owamvuza ngaso ngenduna yabathenwa u Ashpenaz .
Yindawo le nathi esizithola kuyo nanamhlanje .Ngihabe neningi ,kumbe ngakuNkunkulu ,ngimele engikwaziyo ukuthi kuliqiniso ? Imvamisa sikhwica imisila sihobe ngakuloluhlangothi lweningi ngoba sesaba imiphumela engase isivelele ,uma sinqaba izindlela zokuphila zakulelizwe .
Ngizwe kahle sihlobo sami .UNkulunkulu uyabahlonipha labo abamhloniphayo .Bhunkulu ,nquma ukuma uqine.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..