... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngobani Ngqo Ngqo Abantwana BakaNkulunkulu ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:11,12 Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe

Listen to the radio broadcast of

Ngobani Ngqo Ngqo Abantwana BakaNkulunkulu ?


Download audio file

Manje,ngolunye usuku ngangihleli nabantu abayisuxukwana sikwi -bible study nabo ngolunye usuku ,kodwa ngangingabazi kahle ,okwangalesosikhathi.Qede kusenjalo ,enye inkosikazi ngayizwa isimemeza ithi : “Sonke singabantwana bakaNkulunkulu.Wonke umuntu udalwe nguYe .” Ngakube isho khona noma cha lenkosikazi ?  Ngobani abantwana bakaNkulunkulu?  

Kuliqiniso elingephikwe sanhlobo ukuthi wonke  oseke waphila  nophilayo  udalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu .Yikho kanye lokho esikutshelwa kwisahluko sokuqala ebhayibhelini   (Genesise 1:27 ngenzela uma kukuhlaba umxhwele ukukulandela lokhu ). Kodwa ngakube lokhu kuchaza ukuthi zonke lezigidi eziphile  phambi kwethu neziphila manje ,zonke zingabantwana bakaNkulunkulu ? 

Phela yilokho empeleni umhlaba obungathanda sicabange ngayo.Ekugcineni kwakho konke uNkulunkulu ,unguNkunkulu oluthando ,uJesu wathanda futhi wemukela bonke abantu . Nebala sonke singabantwana bakaNkulunkulu ! Akusho lutho ukuthi uya ndlelani kuye  -futhi ziningi izindlela ezahlukene ,nezinkolo eziningi ezahlukene ,nokuqonda okuningi okwahlukene  – uyokwamukela ngendlela leyo nje oza  ngayo ,kungakhathalekile ukholwa ndlelani .

 Yiyona ndlela leyo izwe elimbuka ngayo loNkulunkulu .Kodwa manje Yena ukuqophe ndlelani lokhu ?

NgokukaJohane  1:11,12Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. 

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe

Kungukwehlukanisa okubukhali lokhu ,akuyikho ,phakathi kwalabo abamchiliza uJesu  nalabo abakholwa nguYe ? Ngiyambuka ngamehlo engqondo loJesu owayenomgogodla oqinile  kulesosikhathi  ekhuba abaholi bezenkolo  ngenhla yokungalandeli umoya wabo wesikhathi ,kwakungelula- ke ukukholwa nguJesu onjalo .

Kuze kube yimanje ,njengokuba mina elami iso libuka kanjalo ,lokhu akukaguquki .Usibizela ukuba sihambe ngokwehlukile ,singabimhlambi munye nezinkomo zakulomhlaba . Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe

Ngakho umbuzo kithi ngamunye ,ngothi ngakube nginguye yini umntwana kaNkulunkulu na ?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..