Usuku LweNkosi Luyeza
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Obhadiya 1:15 Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke ;njengokwenza kwakho kuyakwenza kanjalo kuwe ;izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
Kunombhalo wezamabhizinisi odayiswa ngokunamandla obizwa ngokuthi : “Imikhuba Eyisikhombisa Enamandla Kubantu Abaneqhaza Eliqavile” ,wabhalwa ngu Stephen Covey. Futhi umkhuba wesibili awushoyo ngukuqala ngesiphetho engqondweni .
Umqondo la ungokuthi simelwe ukukala sikuhlunge kusekude lokhu esifuna ukukufeza empilweni ,lokhu okuyintshisekelo yesiphetho salokhu esikwenzayo ,ebese siyaqala siyaphila senze ngokwendlela ezosinika lesisiphetho esisilangazelelayo ukuze kube yiso kanye .
Qala ngesiphetho engqondweni yakho .Phila impilo yakho namhlanje ,ukufeza lokhu ofuna ukukunqoba ekugcineni.Kungumqondo onamandla lo kodwa osobala .Isiluleko esihle .Kodwa namhlanje unganenkinga uma sibuka inzika nengaphansi lalomqondo ? Futhi ngokwenza lokho ,angikwenzeli ukuzidumisa ,kodwa kuyinto esemqoka .Futhi esemqoka kakhulu.
Obhadiya 1:15 Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke ;njengokwenza kwakho kuyakwenza kanjalo kuwe ;izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
Ngakwesinye isandla uma silinde ukuthi umhlaba ube -fair kithina [imvama okuyinto ongeyona nokho siyaqhubeka siwubheka ukuba ube fair] kumele kube khona imiphumela yezenzo zethu .Abantu bamelwe ukuphendula ngabakwenzile .Kodwa abaningi babuka indlela uNkulunkulu enza ngayo ukuthi asehlulele ekugcineni kwakho konke ,kuba yinto engathi inonya ayenzayo .Kodwa kunjalo nje uNkulunkulu unguNkulunkulu futhi akaguquki ,uxole uma kukuphatha kabi lokho kodwa okusalayo luyeza usuku lweNkosi ,mhlawumbe futhi luseduze kakhulu.
Izinto ezimbi esizenza namhlanje zisazobuyela kithi sezivutha njengoba uzazela izikhuni zibuya ngomkhwezeli .Imikhuba emibi esiyenza namhlanje isazobuyela emakhanda ethu kabuhlungu ,ekwahlulelweni kwengunaphakade kweNkosi .Manje pho ithini impendulo?
Qala manje uphile impilo kwimanje ugcwele ukuqonda isiphetho engqondweni .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.