... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungazikhohlwa Ukuthi Ungubani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:11-13 Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Ungazikhohlwa Ukuthi Ungubani


Download audio file

Angazi kuwe kuba njani,kodwa kunento esingike ngayibheka ukuthi uma singaqapheli ,kulula ukuzikhohlwa ukuthi singobani .Okungaba ngisho sezingeni lokukhumbula ukuthi ngamhla uzinikela ukukholwa nguJesu wabe uzifaka kwi-identity yezwe lesibusiso . 

Kunendodakazi kazakwethu eneminyaka eko 30 ,evese yavuka ezinsukwini inkenkethelwa yiqolo .Kwakunzima nokuthi lentombazane ikwazi ukunyakaza ngendlela elabe libuhlungu ngayo ,futhi okwenza kwedlulela njengokuba ingumama wengane encane .Namaphilisi ezinhlungu ehluleka awasizanga ngalutho .

Ngakho lozakwethu uthi wabe esemnika inombolo yesinye i-specialist azana nazo ngokwempilo  qede wabe esesho lamagama  : “ungakhohlwa ukusho kuso ukuthi ungubani” [ngamanye amazwi uyindodakazi yami] . 

Kwamthatha amahora ambalwa kabi ukuthi avese athole I appointment kulesi-specialist .

I-identity yayo yokuthi iyindodakazi yalozakwethu yenza yathola usizo ngokushesha ngenxa yokwaziwa kwakhe yiso .Kwamnika londodakazi isibusiso owayengeke asithole ngaphandle kokuba avese  asho ukuthi  uyingane kabani .Lokhu okufana ncimishi ngokwe identity yethu kuKhrestu.

NgokukaJohane  1:11-13Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. 

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.

Ngiyazi ukuthi ukuphila impilo yakho uyiphilela uKhrestu ukuthi kunzima kwezinye izinsuku.Ngiyazi kunzima kanjani ukuzikhohlwa kwesinye isikhathi ukuthi ungubani ,nokunhlanhlatha endleleni ,nobuhlungu bokulahlekelwa yisibusiso  esiza ngokwazana kwakho noKhrestu .

Kulalele lokhu ,uma ukholiwe egameni laKhe ,igama likaJesu elazela ukuzokusindisa ,nakanjani ungumntwana kaNkulunkulu ophilayo .Une identity entsha ekwazi ukukuvulela umnyango ongachazekiyo wezibusiso .

Ungalokothi sanhlobo ukuzikhohlwa ukuthi ungubani .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy