... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakhula Kanjani Ezibusisweni Zakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 1:5-8 Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu

Listen to the radio broadcast of

Ungakhula Kanjani Ezibusisweni Zakho


Download audio file

Kuyenzeka kwezinye izinsuku uzizwe sengathi ukholo lwakho lungaphansi kwencindezi ? Ukuthi abantu bafuna ukukuthulisa ,bakwenza ube yinto  encu engezwakali ,bakutshele ukuthi ukholo lwakho kuJesu kungumgqingqi lokho ?  Nakanjani uma  kunguwe lowo ,nginezindaba ezinhle kuwe .

Kuliqiniso .Kulezinsuku kubukeka wonke umuntu ekuhlosile ukusivala imilomo ,ngokokuthi basitshele ukuthi lomqondo wethu wokuzithoba silandele uJesu yinto engasenandawo kwimpilo yokwenza umathanda yakulezinsuku .Manje okuvese kube ngukuthi abaningi abalandeli bakaJesu benza lokho kanye ukuvala imilomo yabo .

Kodwa ake sime kancane kesicabange ngezibusiso ezingakholakaliyo esinazo kuKhrestu .

Ukuthethelelwa kwezono zethu zonke ,ukubuyisana noNkulunkulu ,impilo entsha kulomhlaba ,impilo engunaphakade ebukhoneni baKhe .Futhi ….

2 EkaPhethru  1:5-8  Ngalokho

nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu

Ngamanye amazwi simelwe ukukholwa ezibusisweni zethu kuKhrestu ,siguqulwe  ngenkazimulo ngenkazimulo  ,sithele izithelo eziyobusisa abanye .

Hlala uzikhumbula usuku nosuku izibusiso onazo kuKhrestu .Khula kuzo ngendlela engakholakaliyo .Futhi kuthi indlela yokuphendula kwakho kulelizwe elikufuna uvale umlomo ngoKhrestu ,uvese wena uphile impilo  ekhombisa uguquko olunamndla kuYe . 

Ungalivumeli izwe likuvale umlomo .Kunalokho thululela uthando lwaKhe kulo izwe .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..