Ungalenzi Iphutha
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
EkaJakobe 3:2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-8.jpg)
Ngesikhathi mina nawe sibuka emumva ezimpilweni zethu ,singazikhumbula lezokhathi ezazingezinhle lakhona sasho izinto ezalimaza abanye abantu –amanga ,ukugxeka ,ukubachwensa okungenzeka kwehlela ezinhliziyweni zabo njengenkemba .
Kungumqondo ongemnandi ukuwucabanga ,akunjalo ,ukuthi mina nawe sinabantu esibalimazile endleleni ; okungenzeka sashiya uhide lomonakalo la esishambe khona ,ngamazwi esawasho kwabanye abantu .
Ngake ngezwa omunye ethi amazwi angama container alayishe amandla .Yiqiniso lelo .Esikushoyo futhi ikakhulukazi ngendlela esikusho ngayo ,kutshela lomunye umuntu ukuthi sicabanga ndlelani ngaye .
Ngisho kungathiwa uluhlobo lomuntu okwenza kube ngumkhuba wakhe ukucabanga andukuba ukhulume (futhi asivume ukuthi abantu abaningi abakwenzi lokho ,bavese bahulule nje lawomagama asefikile emlonyeni wabo ) ngisho kungathiwa uyaqikelela indlela osho ngayo izinto nokuqikelela ukukhetha amagama akho ,alukho ungabazane ukuthi nembala mina nawe ,sibalimazile abantu ngesikushilo .
Futhi kwesinye isikhathi ukulimaza okwenziwa ngamazwi ethu kuhlala impilo yonke komunye umuntu .
EkaJakobe 3:2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
Wow – umuntu ongakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo! Nembala kuyoba njalo . Lokho kubiza ukuzilawula nokuzithiba okukhulu kakhulu – okungenye inkulumo esizoyikhuluma osukwini olulandelayo .
Kodwa okwamanje yazi lokhu .Amazwi anamandla .Amandla okwenza okuhle noma okubi .Wonke amazwi mina nawe esiwakhulumayo ndlela thize azokwenza okukodwa kwalokho.
Qaphela Okushoyo !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.