... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakholwa Ngeze

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:1,2 Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.

Listen to the radio broadcast of

Ungakholwa Ngeze


Download audio file

Ngisola ngokuqinile ukuthi kunesigaba ohambweni lokholo kuwo wonke umuntu ,lakhona okuke kube sengathi siyaphuma endleleni .Sithi ukuqhela ebudlelwaneni noJesu .Kweyami indlela sekuke kwenzeka lokho . 

Uyazi kuhamba kanjani .Uqala ulikholwa ivangeli likaJesu – Izindaba Ezinhle  ngenxa yokuthi wakuhlawulela  izono zakho esiphambanweni ,ngenxa yalokho uthethelelwe ngokwanele nguNkulunkulu .Ayibongwe iNkosi ! Hallelujah!Kuyintokozo ,kuyinhlanhla ,kodwa kungekudala ebese impilo ubuqobo bayo iziveze .Lakhona izingcindezi zosuku nosuku sezikuqhoqhobele .Uze ube ngophazamiseke ngendlela engachazeki okungangokuthi uze uzibone ukuthi usuqhele ngamalengiso endleleni ,okungangokuthi awusazi kwakwazi ukuthi izindaba ezinhle zisakhona kuwe noma sezimukile . 

Mhlawumbe yingakho uNkulunkulu esihlanganisile namhlanje ,eZwini laKhe :

 1 KwabaseKhorinte  15:1,2 Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.

Zimbili izindlela la .Indlela yokuqala  ngethi lezindaba ezinhle esazimukela zisahleli ziyaphila ezinhliziyweni zethu ;nokuthi sisamile kuzona njengokuba uPhawuli ebeka lapha ,okungukuthi siyasindiswa ngazo usuku nosuku  -kodwa uma simi sibambelele eZwini leQiniso .Izindaba Ezinhle zikaJesu .

Indlela yesibili ngethi sishenxile emseni  ngesikhathi izinto seziqina ,ukholo lwethu lwagcina luyize .Manje kungumqondo  owesabisayo lo .Umcabango osabisayo kakhulu .

Mhlawumbe uNkulunkulu namhlanje sihlobo sami uyakubiza ubuyele kuye ,ukuba ukhumbule ,uphinde ume ezindabeni ezinhle ezinamandla okusindisa umphefumulo wakho .Ungakholwa ngeze . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..