Umqondo Wothando
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
KwabaseRoma 5:9 Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.
Kunento eyangikhathaza iminyaka eminingi.Futhi mhlawumbe ngesikhathi sibhekisa imiqondo yethu kuKhisimusi ,mhlawumbe nawe bekukukhathazile .
Kungasizathu sini ukuba uNkulunkulu athumele iNdodana yakhe emhlabeni ,ukuba ibe ngumuntu ,ekugcine ife esiphambanweni ,okungakho kuletha ukuthethelelwa kwezono zethu ?Kungani engavesanga wasithethelela ngale kokuthi kuze kufe uJesu ? Kwakulula lokho .
Futhi uyazi ukuthini ? Eminyakeni engasekuqaleni ngizinikele kuJesu ,emva sengibe ngomunye walabo ababizwa bangaMaKhrestu ,ngaqhubeka ngangaba nayo impendulo kulowombuzo : Kungani uNkulunkulu engavesananga wasithethelela ngale kokuthumela uJesu esiphambanweni ,ngale kokuba aze asicele sikholwe nguye ,avese asixolele kungashiwongo lutho ?
Ngoba angikutshele ukuthi ngaphandle kwempendulo kulombuzo osobala ,yonke lendaba kaKhisimusi iphenduka imfeketho .Nakimi kunjalo –yingakho sidinga ukuqonda umqondo ojulile ongumongo waloluthando olwedlula lonke olwake lwaba khona lomusa ongaka esawenzelwa nguJesu .
KwabaseRoma 5:9 Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.
Kumbe ngqo ,entukuthelweni kaNkulunkulu . Futhi yiyona nqubo bulungiswa kanye le nathi esinguluntu esayisungula njengokuba senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu .
Isenzo sokuphambana nobulungiswa sibiza ukujeziswa .Yiyona ndlela okusebenza ngayo le .Futhi konke ukumhlamuka kwethu uNkulunkulu kukufanelwe lokhu kujeza kwentukuthelo kaNkulunkulu ,ulaka lwakhe ,ubulungiswa bakhe ukuba busibhozomele busehlele
Kodwa ngothando lwakhe olukhulu ,wayehlisela eNdodaneni yakhe intukhelo ngomhlatshelo weGazi layo kulesosiphambano .Ukuze Ngakho kakhulu silungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.
Ayibongwe iNkosi .Yingakho ukuza kukaJesu ngenyama emhlabeni,uKhisimusi simelwe ukuwugubha !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.