... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwesaba Ukungamukelwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 12:42,43 Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni; ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Ukwesaba Ukungamukelwa


Download audio file

Ukuphambana nezihambayo ,wenze okuhlukile emndenini wakho ,abangani ,nomphakathi ,wehluke nje kubo kuyinto engelula leyo .Yingakho abantu abaningi bengakwenzi  .

Nakuba namhlanje kuyinto evelele ukuthi umuntu avese enze okwehlukile kodwa kube ngukuthi wenza okuhlukile kokuhle yena abe ngujojo-nhliziyo-ngiyise -nyawo ngibelethe ,nakuba kunjalo kodwa kuza nenani nakho ngokwakho .

U-William Tyndale washiswa ngo  1536 ngenxa nje yokutolika iBhayibheli kwisiLatin eliyisa esiNgisini .Ngo 1972 umvangeli waseChina u- Watchman Nee wafela ukholo ngenxa yokutshela abantu ngoJesu .Kahle hle maningi amaKhrestu abulawelwe ukholo kulamakhulunyaka  ,mumva nje.

Kuyohlale njalo kunenani olikhokhayo ukungahambisani nabanye abantu .Kahle hle uJesu wathi  …

NgokukaJohane  12:42,43Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;  ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Futhi kuyilokho kanye ,akunjalo?  Ukucabanga kakhulu ukuthi bathini abanye esikhundleni sokulandela izinhliziyo zethu ukulandela uJesu ,umgwaqo olula yilo ovulekile ohanjwa yiningi esivele singene kuwo nathi .Ukukholwa ngasese kumbe ukuvese siqhele ngokuphelele kuNkulunkulu .

Yebo ,ngiyaqonda baningi emhlabeni abanganakho ukukhetha okunye kodwa  abaphoqelekile ukukholwa esithe .Kodwa kwiningi lethu uma simyeka uJesu ngenxa yokuthi abanye bazocabangani ngalokho ,lokho kungenxa phaqa yokuthi sithanda udumo lwabantu  nokunethezeka okwesikhashana ,phezu kwenkazimulo nodumo oluvela kuNkulunkulu oluhlala ingunaphakade naphakade .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy