Ukusiza Okuphindaphindiwe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Ukusiza Okuphindaphindiwe 2 Amakhosi 2:9 Kwathi sebewelile ,u-Eliya wathi ku –Elisha : “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.” Wathi u-Elisha : “makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami”.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-6.jpg)
Angazi noma kwenzeka kimina kuphela ,uzithole ujuluka kweqe ,uzama ukwenza okusemandleni ukujulukela uNkulunkulu …kodwa uzwe kunzima .Uzizwe sengathi uNkulunkulu akakunye nawe futhi kube sengathi uwedwa lomthwalo uwuphethe ngokwakho .
Uyabona yindaba leyo ezwakalayo .Kunabantu abalalele lenkulumo abacabangayo ukuthi , ‘yinto yokugcina engingayenza ukusebenzela uNkulunkulu .Lutho ! ?’ Kodwa noma ngabe ukuphi njengamanje ,iningi lethu siyathanda ukwenza okuhle ,angithi ? Kodwa ukwenza okuhle kusengaba ngumsebenzi onzima ngezinye izinsuku .
Njengoba ngiqhubeka ngikhula kuyanda kimi ukuqhela emqondweni wokwenza izinto ngamandla ami.Angiziboni impela kube kukhona uNkulunkulu onamandla angakalekiyo ,nokushisekela okukhulu ukusibusisa anakho ngathi .Yini le engenza ufune ukujuluka wedwa ngamandla akho ?
Mumva le kwi-Thestamente Elidala kwakunomphrofethi omdala ogama lakhe ngu-Eliya owayenoyisandla sakhe sokuphonsa u-Elisha .Okwathi ngamhla sekushaye isikhathi sokuba u-Eliya aye ekhaya kuNkulunkulu …nakhu la kuchazwa khona :
2 Amakhosi 2:9 Kwathi sebewelile ,u-Eliya wathi ku –Elisha : “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.” Wathi u-Elisha : “makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami”.
Oqobweni lwesicelo esinjalo kusikhombisa ukuthi u-Elisha wabe engafuni ukwenza izinto ngamandla akhe .Futhi lokhu kanye akucela yikho ncamashi akutholayo .Nkathi u-Eliya enyuswa kwasala ugcobo oluphindaphindiwe kuye uNkulunkulu alwehlise ngoMoya waKhe –emnika amandla negunya elikhulu .
#Bamba lokhu : Yima ukujuluka ngokwakho kodwa cela ugcobo ,cela amandla aphindiwe kuNkulunkulu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.