... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubuza Umbuzo Owrong

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Levithikhusi 20:7,8 Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele ,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.Anogcina izimiso zami nizenze ,nginguJehova oningcwelisayo.

AmaKhrestu amaningi abuza umbuzo owrong .Esikhundleni sokuzibuza ukuthi  angamhlonipha kanjani uNkulunkulu ngobungcwele bawo ,kunalokho azibuza ukuthi; yini engingayithola ngakho ? 

Mhlawumbe uzitshela ukuthi nginesandla sensimbi  futhi nokwahlulela .Manje pho kungani ngazi abantu abaningi abazibiza ngokuthi  bangamaKhrestu  kodwa othola ukuthi mhlawumbe babuka izinhlelo kwi TV ezigcwele  ucansi ngokuhlazisayo ? 

Uma bekungathiwa bebenoJesu esidlweni sakusihlwa bevule I-TV ngakube ebezoqhubeka yini lamakholwa avule leyo TV show  baqhubeke bayibuke ndawonye noJesu uma kuqedwa ukudla layikhaya ? Ngempela? 

Mhlawumbe uthi …hhayi ngeke nceku engathi ususekukholweni kuze kweqe phela manje sekunehaba ….usuwenza njengosesezulwini kumbe umfarisi . 

Angazi mhlawumbe kunjalo ,kodwa ake sikubuke lokhu ngokweZwi likaNkulunkulu ,qede sibuyele kulokho :

Levithikhusi  20:7,8Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele ,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.Anogcina izimiso zami nizenze ,nginguJehova oningcwelisayo.

Lamagama aphindwe phindwe lapha angokuzingcwelisa ,ukugcina izimiso wonke angamagama esiHebheru achaza ukuba ,clean ,msulwa ,ngcwele nokuzihlukanisela uNkulunkulu . 

Futhi manje kungani simelwe ukuba yilokho ? Ngoba uyiNkosi uNkulunkulu wethu .Kungani simelwe ukumlalela  [sigcine izimiso zaKhe sizenze ]? Ngoba uyiNkosi efuna ukubambisana nathi  kuloluhambo ,ngokusingcwelisa . 

Kukho kokubili impendulo ekutheni “ngani” Yingoba unguJehova uNkulunkulu wethu .Kumbe asithi ngakube uNguYe ngempela ? Ngakube uyiNkosi phezu kwempilo yakho? Ngibuza umbuzo onzima la ngoba lokhu kusemqoka . 

Ngakube uJesu sewumenzile wayiNkosi yempilo yakho?  Ngempela ? Uma kunjalo phela musa ukushaya ngezinqamulelayo .Yima ukulokhu ubuza ukuthi “yini mina engizoyithola uma ngimlalela?”  Lowombuzo u-wrong uma kungukuthi …..unguJehova uyiNkosi  uNkulunkulu wakho . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy