... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubungamukela Ongeyikho ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Dutheronomi 6:4,5 “Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.

Listen to the radio broadcast of

Ubungamukela Ongeyikho ?


Download audio file

Kwesinye isikhathi sibhekana nenzukayikeyi  ngokokuziphatha . Ekujuleni kwenhliziyo wazi kahle ukuthi okuyinto efanele futhi ufuna ukwenza lokho . Kodwa imvuzo  yesikhashana yokwenza okungeyikho  mikhulu ,uze ungazi konje ukhethe kuphi .Kulesosimo ugcina ugxumela kukuphi ?

UBerni uthi mumva le eminyakeni yo   1980, ozakwabo ababili basemasosheni kunye naye baqala inkampani ye-IT consulting firm. U-Graham owayengu  Lieutenant Colonel, U-Mark owayengu -Major, uBerni wayengu -Kapteni .

Ngakho lo owabe emnkantshubomvu engokhulile kubo ngokwezinga lomsebenzi u- Graham  bamenza usomaqhuzu  omkhulu kulenkampani .Wayengumuntu  ojulile okholweni lwakhe futhi namanje unjalo .Kodwa naglesosikhathi uBerni qha wayengajulile okholweni .

Zisuka ekuqaleni wendlala kahle izisekelo  zezimiso ababezosebenzela phezu kwazo – noma ngabe kwakubabiza nani lini babeletha iziluleko ezazizinhle ngokwamakhasimende .

Kuzwakala kukuhle kuze kube ngukuthi sekuqhumbuka izinto ezivivinya  ubuqotho  bakho .Uthi kuningi lakhona ababengathi uku-twister kancane iziluleko zabo ngenhloso yokuzuza ngezemali  .Kodwa uGraham wayeqotho ebuholini eqinisekisa ukuthi akalahli  izimiso zobuqotho bakhe .

Okwaphetha kwenza ukuthi ngenxa yalokho bathole ukwethenjwa okukhulu kwi –market ,okwenza bazuza umsebenzi omningi  ngaphezu kokucabanga kwabo .Njengokuba elinye ikhasimende lake lathi kuye :”ucream uhlala njalo  uphephuzela phezulu ekhekheni ”.

Ngubani kumbe yini oyibeka  phambili empilweni yakho ? Ngenxa kabani kumbe ngenxa yani ongeke walokotha wenza okungenguwe [compromise] ,ngisho kungathiwa izinzuzo  zesikhashana ziyengana kanjani  ?

Dutheronomi  6:4,5 “Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho. 

Akukho la amagama athi ,uma ,mhlawumbe kumbe uma kungenzeka ,cha .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy