... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

NginguMKhrestu Ngempela?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 7:21-23 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’ Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’"

Listen to the radio broadcast of

NginguMKhrestu Ngempela?


Download audio file

Ukholo luyigama elihlaba umxhwele .Sitshelwa ukuthi sithola ukuma kahle kuNkulunkulu uma uma sikholwa nguJesu.Kodwa ngiye ngizibuze ukuthi ekaze indlela yokucabanga ukuthi kuchazani ukukholwa nguYe ,mhlawumbe ilufifi nje.

Baningi abantu abazibiza ngokuthi  bangaMaKhrestu.Bayakholwa nguNkulunkulu ,bayakholwa nguJesu ,bakholwa ngukuthi ngamhla sebelishiya elakwaMhlaba baya eZulwini .Kulungile ke .Mhlawumbe nawe yilokho okukholwayo.Kodwa manje unganesiqiniseko kanjani? Ngoba phela nakuba sikholwa ngukuthi zonke lezozinhla zizoba yithikithi lokusifaka eZulwini kodwa nakhu uJesu akusho ngalesihloko okwenza kungaziki okwalowomcabango:

NgokukaMathewu 7:21-23 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.

Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi

yamandla ngegama lakho, na?’ Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’

Lamagama ahlaba azwele ,awajikeli emvakwendlu.Manje pho lithini iphuzu lapha?  Licacile .Lokhu okokuthi siyakholwa ,okungukumbiza ngokuthi; ‘Nkosi’ ngomlomo nje  akwanele.

Akusho lutho ,ngisho ukwenza izinto ezinkulu ,izinto ezinhle ….ngisho ezinamandla  esizitshela sizenza egameni laKhe .

Ngalolo suku: Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’

Mhh kunzima lokho!

Yilowo muntu kuphela oyongena embusweni owenza lokho okuthandwa nguBaba .

Ubufakazi obuphathekayo bokholo loqobo,ukholo lwangempela ,wukulalela.

Yilokho kanye  okungakwenza ube nesiqinisekiso esingashayi eceleni. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge