Inothi Eliphuzi Eliphuzi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 9:35 Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke”
Mina nawe empeleni besingaziphila kanjani izimpilo ezinesigqi ,izimpilo ezenza umehluko? Uhlobo lwezimpilo olwenza umhlaba ube ngongcono kakhulu ,emva kokuba sesiphile kuwo lesikhathi esifushane? Singakwenza kanjani?
Eminyakeni edlule kunomuntu owasungula lama –sticky notes a-yellow.Mina ke ngiyazithandela wona.Ngiyawasebenzisa ukumaka okudinga ngikukhumbule ,okuthi mase engisizile ngiwalahle emgqonyeni.
Ngolunye usuku ngangiwabuka ngithi alusizo olukhulu ,kodwa futhi alahlwa kalula mase esebenzile .Uwathole manje kunento ebhalwe kuwo ,emzuzwini embalwa usuwathola emgqonyeni eselahliwe.
Yazi ,kuthi akucishe kufane nempilo .I-minute elilodwa silana ,iminute elilandelayo sesihambile futhi salifulathela elakwamhlaba.Kunjalo nje .Kufana ncimishi nalamapheshana amancane anamatheliswayo a-yellow okubhalwa kuwo ama-reminder.
Angazi ngawe ,kodwa mina ngithemba impilo yami inesigqi ngaphezu kwalokho .Ngigcwele ithemba lokuthi kulomhlaba omatasa ,ohlaphazayo ulahle ,ukuthi ezikhathini zonke ngihlangana nabantu abanhlobonhlobo bese impilo yami ibe nekushoyo kubona .Kuwe Mlaleli kunjani?
Ngicabanga ukuthi sonke siyafuna ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu.Sonke siyafuna ukushiya iqhaza eliyosala likhumbuleka kwabadala nabancane esihlangana nabo ekuphileni kwethu.Kodwa umbuzo uthi pho kanjani?
NgokukaMarkhu 9:35 Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke”
Mhlawumbe kungenzeka siziphendukezele izinto .Mhlawumbe indlela yezimpilo zethu ukuba naleloqhaza elinamandla ,wukwenza inkonzo kwabanye abantu ,ngokundlelanye uJesu asikhonza ngayo nathi .
Sihlobo ngubani ongenza lenkonzo kuye namhlanje?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.