... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yini Abeyicabanga?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 8:22-26 Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe. Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?” Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.” Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke. Wayithumela ekhaya layo, wathi: “Ungangeni emzini wabantu.”

Listen to the radio broadcast of

Yini Abeyicabanga?


Download audio file

Sewake wazithola ukhulekela ukuthi uNkulunkulu angenelele ,ukhulekela isimangaliso kodwa uthole ukuthi ,uma uNkulunkulu eseza empilweni yakho afike aqale ukusebenza ,kungabe kusaba  yilokhu obukulindele ? Yima kancane Nkulunkulu ,akusikho phela lokhu ebengikulindele mina!

Uyazi ukuthi sithanda izinto zibe ngalendlela thina esizithanda ngayo ;ngendlela le esilindele zibe yizo? Omama nobaba babe ngabantu aba-perfect.Izingane ziziphathe kahle zizothe .Obasi basiphathe kahle.Abaholi babe ngabakhaliphile …bese uNkulunkulu Yena ,simfuna abe njani? Simfuna uNkulunkulu abe ngonothando,onezibele,othembekile,onamandla ,futhi hhayi bo akupheli lapho simfuna abe ngesimaziyo uhlele ukwenzani .Ngiqinisile mangisho njalo Mlaleli?

NgokukaMarkhu  8:22-26  Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe. Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?”  Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.” Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke.  Wayithumela ekhaya layo, wathi: “Ungangeni emzini wabantu.”

Babe uthi uyakukholwa lokhu ngempela? UJesu ethimisela amathe  emehlweni alendoda.Manje lokhu kuyenyanyisa futhi kuyaphoxana .Futhi ke bandla angifuni uNkulunkulu wami aziphathe kanjalo.Ngithanda abe ngovulekile ,futhi  engingamqagula uhleleni.

Kodwa manje mawuya kulesikhathi kwenzeka lokhu ,ucabanga ukuthi lempumputhe eyabe iyisinxibi yayinendaba kwakhona ukuthi uJesu uyithimisela ngamathe emehlweni ayo? Yebo nebala yayingenandaba!  Ngokuphazima kweso kwabe sekuphelile ubumpumputhe bayo.Yabe isikwazi ukubona ! Halleluyah udumo kweliphezulu!

Ngakho ungamangali uma  iNkosi ngokuzayo iletha isimangaliso saYo kuwe ngendlela obungayilendele nengekho ntofontofo . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge