... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umbuzo Ongishisayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 Izikronike 1:8-12 Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni wathi kuye . “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona”. Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “ Umenzele ubaba uDavide umusa omkhulu ,wangibeka inkosi esikhundleni sakhe .Ngalokho Jehova maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba,ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi .Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume ,ngingene phambi kwalaba bantu ,ngokuba ngubani ongahlulela lababantu bakhu abakhulu kangaka na?” Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho ,ungacelanga ingcebo nemfuyo nodumo,nokuphila kwabakuzondayo ,futhi ungacelanga imihla eminingi ,kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bamiengikubeke inkosi phezu kwabo,uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi,ngiyakukunika nengcebo nemfuyo,nodumo ,anagazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho ,nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.”

Listen to the radio broadcast of

Umbuzo Ongishisayo


Download audio file

Noma ngabe ubani othandazayo uzokwazi ukuthi ,ngokuhle nangokungekuhle ,sigcina sesivamisa ukusebenzisa isikhathi esiningi sokuthandaza sicela izinto kuNkulunkulu.Izinto eziningi.Manje umbuzo ongishisayo ngowokuthi ngakube ,sicela izinto eziyizo ?

Uma kungathiwa ubungacela into kuNkulunkulu oyifunayo ,yikuphi obungakucela kuYe?

Impendulo yakho isemqoka ngoba isitshela ukuthi uqhutshwa yini kulokhukuphila.Kungaba yimali,ukubonakala ugqamile,kumbe leyanto oqeda kuyibona ikhangiswa kwi TV noma i- online platform .

Ngesikhathi usayicabanga impendulo yakho ,ngithanda ukukucobelela ukuthi yini eyake yacelwa kuNkulunkulu yinkosi eyayiseyintsha ……

2 Izikronike 1:7-12 Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala  kuSolomoni wathi kuye . “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona”. Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “ Umenzele ubaba uDavide umusa omkhulu ,wangibeka inkosi esikhundleni sakhe .Ngalokho Jehova maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba,ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi .Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume ,ngingene phambi kwalaba bantu ,ngokuba ngubani ongahlulela lababantu bakhu abakhulu kangaka na?”

Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho ,ungacelanga ingcebo  nemfuyo nodumo,nokuphila kwabakuzondayo ,futhi ungacelanga imihla eminingi ,kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bamiengikubeke inkosi phezu kwabo,uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi,ngiyakukunika nengcebo nemfuyo,nodumo ,anagazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho ,nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.”

Ngakho ngicela ukukubuza futhi ,uma kunento obungayicela kuNkulunkulu ,bekungaba yini leyonto? Kumbe mhlawumbe umbuzo ongcono ngothi, “ Yini into uNkulunkulu afuna umcele yona?”

Yidla amathambo engqondo ngalokho …bese uyahamba uyokucela .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge