... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uma UNkulunkulu Egodla Izibusiso ZaKhe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Samuweli 1:2 [U- Elkanah ] wayenabafazi ababili ,igama lomunye lalinguHana ,igama lomunye lalinguPhenina,uPhenina wayenabantwana kepha uHana wayengenabantwana.

Listen to the radio broadcast of

Uma UNkulunkulu Egodla Izibusiso ZaKhe


Download audio file

UNkulunkulu unguNkulunkulu wezibusiso,amen? Nakanjani.Sonke singaqhuma phezulu ngo amen halleluya  kulokho .Kodwa uthola ukuthi  kwezinye izikhathi uNkulunkulu uyazigodla izibusiso zaKhe .Futhi uthole ukuthi ukusigodlela kwaKhe leyonto eyodwa ,engaba yimpumelelo enkulu ,esiyilangazelelayo ,kudale ubuhlungu obukhulu  nengcindezi . 

Ngiyambuka ngengqondo owesifazane olangazelele ukugona umntwana ,umzimba wakhe ode umtshela ukuthi sewufanele engabe sewumumathile nawe ,ukuthi nebala ukugodlelwa wuNkulunkulu lesibusiso saKhe kungaba wubuhlungu obungachazeki . 

Lokho kwabe kuyisikhalo sikaHannah kwiThestamente Elidala  esasikuye kuphela ,ukuhamba ngonyawo lonwabu  kwaso  futhi kwengeza ubuhlungu benhliziyo obunzima : 

1 Samuweli 1:2 [U- Elkanah ] wayenabafazi ababili ,igama lomunye lalinguHana ,igama lomunye lalinguPhenina,uPhenina wayenabantwana kepha uHana wayengenabantwana.

Futhi uPhenina wayengapheli mandla .Unyaka uHanna  nonyaka  kwakubiza aphile nokungaphumeleli kwakhe  ukwenza okuhle athole abantwana .Futhi lokhu kuhlobo lomphakathi ukuzala abantwana nesibalo sabo  kwakukalwa njengesikali sesibusiso sokuthi uNkulunkulu wayekulungele  ukusithulula phezu kwempilo yakho .

Ngokwamehlo abasemhlabeni ,kwakucacile uHana unento e-wrong ayenza ,into eyayicunule uNkulunkulu .Uyazizwela ubuhlungu bakhe ,abuzwakali?

Kodwa qhubeka ufunde sigcina sesithola ukuthi uHana usephetha esenayo indodana  – Umphrofethi uSamuweli  -ongena eqhazini elinamandla hhayi nje lomlandu wesizwe sakwa Israel kuphela ,kodwa ekusunguleni ulibo lomndeni olwaphetha ekugcineni  ,ngokuzalwa koMsindisi womhlaba wonke uJesu . 

Kwesinye isikhathi icebo likaNkulunkulu ukubusisa abanye ,kubiza ubuhlungu thizeni kithina .Kuliqiniso elinzima ukuligwinya lelo ,kodwa limile khona linjalo.Uma kungabanga ngenxa yalenkosikazi engu Hana ngubani owaziyo ukuthi  ngabe sikuphi njengamanje . 

Icebo likaNkulunkulu liyicebo elihle ,ngisho kungathiwa ngokwesikhashana liletha iminjunju. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..