... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzalwa Ngokusha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:3-5 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?” Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu

Ngakho sikhuluma kulelisonto ngokuthi kungani uJesu weza kulomhlaba ,kungani kwakhona lento kaKhisimusi yenzeka ekuqaleni .Ngakho asibuyele emumva futhi ochazweni olushiwo nguJesu uqobo  njengokuba eqhubeka exoxa noNikhodima. 

Sonke siyasilangazelela isiqalo esisha .Yingakho i –industry engokuzisiza wena mathupha inenani lezigidigidi zezimali  .Futhi yebo ukwenziwa kabusha kwethu kusenhliziyweni kaNkulunkulu  nakho .Kahle hle kuseqhulwini yendikimba yokuza kukaJesu emhlabeni . 

NgokukaJohane 3:3-5UJesu waphendula, wathi kuye:

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”  UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?” Waphendula uJesu, wathi: 

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu

Manje uNikhodima akasona isiwula.Wayeqonda ukuthi uJesu ukhuluma ngesingathekiso ,ngakho nokuphendula kwakhe kwabe kusahamba kulowomugqa kanye .Hle hle wayebuza ukuthi ,pho ngingazalwa ngokusha ndlelani ? Futhi uJesu waphendula wathi simelwe ukuzalwa ngamanzi nangoMoya .

UNikhodima wayazi ukuthi ngaso lesosikhathi uJohane ,wayematasa ebhabhathiza abantu ngamanzi ,ubhabhathiso lokuphenduka ,lokushiya isono uphendukele kuNkulunkulu .Futhi ubhabhathiso lukaMoya oNgcwele lona lungokwenziwa busha .

Ngakho ,ukuze ungene eMbusweni kaNkulunkulu  ,umelwe ukuzalwa ngokusha .Futhi ukuze uzalwe ngokusha ,kumele kube nokuphenduka nokwenziwa   busha .Hhayi nje umthandazo omnandi ongoJesu ,kodwa uguquko olunamndla .Ngaphandle kwalokho ngeke ungene eMbusweni kaNkulunkulu . 

Ngakho ,angiphinde ngikubuze futhi ngakube sewuzelwe kabusha ?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy