... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuqhubeka Kwenkazimulo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 3:18 Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

Inkazimulo kaNkulunkulu yinto egcwalisa  amazulu .Buka la ukhona  -bheka phezulu ubuke izinkanyezi ,buka umhlaba omuhle uNkulunkulu owudalile .Kugcwele inkazimulo ndawo zonke ….futhi uNkulunkulu ufuna ube nayo iqhubeke yanda  ingaphezi .

Izolo sikhulume ngenkazimulo kaNkulunkulu eyambulwa kithina ngesikhathi uJesu eba ngumuntu ebantwini .

NgokukaJohane  1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

Futhi nanamhlanje ,uNkulunkulu usafuna inkazimulo yaKhe ,leyo kanye ,ibe nomthelela onamandla ezimpilweni zethu ,eyami neyakho .Namanje uNkulunkulu usafuna ukukhazimulisa ubukhulu bokuphakama kwaKhe okumangalisayo ,enhliziyweni yami neyakho ,ukuze aziveze ukuthi ungubani .Kunamatolika alichaza kamnandi lelivesi  : 

2 KwabaseKhorinte 3:18 Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

Lamatoliko agcizelela igama lokubuka ungaguquki ungacwayizi ugqolozele ngqo uJesu ,okusikhathi sinye siphuza inkazimulo yaKhe ,lokho kubuka singabheki eceleni nathi kuvese kusenze sifane naYe ekumbukeni kwethu ,asiguqule  ngoMoya waKhe ,ngokuya ngokuya enkazimulweni ,sande kuyo .Kuqhubeka futhi kugcwala iqiniso nomusa waKhe kithi . Kusikhathi sinye kukhula ukumethemba ngokungangabaziyo ,izinhliziyo zethu zigcwaliswe ngentokozo yaKhe ,intando yethu ithambele ilangazelele ukumhlonipha nokumlalela Yena .Kwanda ukuqhubeka kokuthula ezimpilweni zethu .

UJesu  -mbheke ungacwayisi ungabuki eceleni ,mazi ,ungasuki kuYe  … futhi mvumele akuguqule kwinkazimulo kuya enkazimulweni ,ukuze ugcine usufana ubukeka njengaYe .

UJesu lowo uma umbheka .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy