... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphindaphindeka Kwande

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 9:10,11 Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.

Elinye lamaphutha mina nawe esihlale silengela ekulenzeni ,ukukala uNkulunkulu ngesikali sethu .Sibuka inkinga enkulu,isidingo esikhulu,qede sibuke ngeso lezandla zethu ezincane  qede sifike esiphethwini esithi asinakho okwanele .

Usakhumbula ngamhla uJesu enika ukudla abangu 5 000 ngezinhlanzi ezimbili nezinkwa ezinhlanu ? Kwakuyinto ebukeka ingenakwenzeka  “Bahambise ,” ngamagama lawo ashiwo ngabafundi . Kodwa waphendula wathi , “Cha,bapheni ukudla” 

Ngalowomzuzu uma kuthiwa nami ngangimonye wabafundi ,ngangiyobe ngicabanga ukuthi , “Ini? Uzizwa kahle  kodwa ekhanda ” Lawomagama aseliqiniso nanamhlanje imbala . Sibuka inkinga,sicabange isidingo ,qede sicabange ngokwethu sithi , “Akunakwenzeka lokhu,uyazi ukuthi kuzobiza malini? Unalo ulwazi ingempela ?nangale kwalokho ,asikaze siyizame kwakhona into efana nalena phambilini!”

Kodwa hle hle yini eyenza ukuthi sizitshele ukuthi uNkulunkulu uvaleleke esikaleni sethu ngeke adlule kuso ? Yini le eyenza ukuthi singacabangi ukuthi akazange akubeke emcabangweni ukuswela kwethu ngeziphiwo ezithile ,ngamhla esibiza ,akazange akubuke ukuthi sihamba siphele kuphi ngamhla esibizela ecebweni lomsebenzi waKhe omkhulu ? Ingempela yini le eyenza umqondo wethu ungakucabangi lokho!

2 KwabaseKhorinte  9:10,11Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise  imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu,  ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.

Ngubani osinika imbewu kwakhona ekuqaleni ? NguNkulunkulu okwenzayo! Ngubani ozokhiqhiza isivuno esikhulu ebuhleni bakho? NguNkulunkulu  ! Empeleni uyokwenza ucebe ndlelazonke ukuze –kube njani? –ukuze ukhululeke ekunikeleni ngenhliziyo emhlophe . 

Ungamkaleli uNkulunkulu .Itshale imbewu akunike yona . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy