... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukungesabi Ikhosomba Elesabisayo Uwedwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 4:2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.

Listen to the radio broadcast of

Ukungesabi Ikhosomba Elesabisayo Uwedwa


Download audio file

Usuke uzizwe sengathi  uvaleleke esimweni kumbe ezimweni eziwuhide  uze ube nomuzwa wokuthi ukhiyelwe kuzo ngeke usaphuma? Ususekuphelelweni yithemba lokugcina  futhi uyazibuza ukuthi ekaze ngiyoke ngiphume kodwa ngelinye ilanga  la?

Eminyakeni eminingi edlule ngake  ngaba sezinhlungwini  ezinzima zesifo esasingiphethe ,okwathi ngiya esibhedlela ,ekufikeni kwami kudokotela ngazizwela ukuthi kunhlanga zimuka nomoya ,amathunzi ayewukela impela .

Ekhosombeni engabe ngihlolwa kulo kwakuthiwe kuzoba yinto nje yemizuzu angamashumi amabili ,futhi angisiye umuntu osaba ukuba sendaweni eyikhosomba engesabisayo ,kodwa nje umzuzu owodwa ngikuyo ngazizwa izinhlungu zikhula kunye novalo  .Ngangisebuhlungwini uqobo ,kunkenketha ,ngangivalelwe kulomnyama futhi nginovalo.Yikuphi engangizokwenza ?

Kuselapho ,ngezwa iphimbo elimtoti elincane … thandaza .Ngakho ngavala amehlo ami ukuze ngingaboni okunye kodwa ngigcwele ukwesaba okukhulu ,qede ngathandaza.Ngacela uNkulunkulu uMoya oNgcwele ukungigcwalisa ngokuthula kwaKhe .Ngambonga ukuthi wayenami khona kanye kuleyondawo .Futhi ngokukhulu ukushesha uvalo lwami lwaphela ,lwahwamuka njengamazolo.

Ngeke ngikwazi ukukutshela ngokwanele ukuthi konke okwakwenziwa kimi ukuze ngiphile ukuthi kubuhlungu kunjalo ngakuthokozela ,ngaze ngofika ekugcineni kokwakwenziwa .

KwabaseKolose  4:2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.

Zizoba khona izikhathi lakhona sivalelwe endaweni emnyama encane  futhi singaboni ntuba yokuphuma kuyo.Kuzoba khona izikhathi lakhona sizobe sisaba sixegelwa ngamadolo .

Kodwa sihlobo yazi lokhu ,uNkulunkulu ukunye nawe  kuleyondawo.Ngakho ….

Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy