... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubhekana Ne- Menopause

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 15:12,13 “Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

Listen to the radio broadcast of

Ukubhekana Ne- Menopause


Download audio file

Noma ubani oshadile nowake washada uyazi ukuthi ngosuku lwabo lomshado ,benza isivumelwane esingenambandela kwashada naye  ukumthanda ebuhleni nasebubini ,kuze kube sekugcineni.Manje kungani ukuthi imishado eminingi iyaklayeka ihlukane?

Eminyakeni edlule ngangethula isifundo seBhayibheli ,lakhona ngangifundisa ngesihloko sobuhlungu nokuhlupheka ezimpilweni zethu.

Enye indoda yabe isisixoxela ,ekujuleni kwenhliziyo yayo ,ubuhlungu ebihamba kubo ngonyaka owawundulela lowo ,esikhathini lakhona unkosikazi wayo wayenemizwa yenhliziyo ewugingqigongqo ngesikhathi  engena kwisigaba  sokukhula sokungasayi ezinsukwini zakhe  [menopause] .Lendoda ngenkathi isixoxela zazehla izinyembezi emehlweni ayo ngenxa yobuhlungu nokuhlupheka ebhekane nakho.

Manje lendoda ,ngokwamehlo omhlaba yabe ingavelele.

Yayingabukeki inokuningi uma uyibuka ngaphandle.Yabe ingesona isikhulumi esiqavile ,umbhali ovelele noma isifundiswa esikhulu.Kodwa kulomhlaba ovese unganaki izindaba zobudlelwane ,nobumqoka bomshado ,umhlaba ovese uthathe usonge ulahle laphayana wena owabona umuntu esonga qede alahle amakhasi eklabishi ,yebo ngimelwe ukukutshela ukuthi lendoda yabe iliqhawe lempela .

Uma uzobheka konke lokhu eyayibhekene nakho iphile kukho ,cabanga ukuthi ngokwakulomhlaba  kwakungaba lula kanjani ukuzitholela isinqandamathe sayo esisha esizwa ekhaleni ? Kwak uzoba lula kanjani ukuthi avese aqhele kunkosikazi wakhe uma esekulesigaba njengokuba amadoda amaningi enze njalo ayamlahla unkosikazi ?  Kwakuzoba lula kanjani….

NgokukaJohane 15:12,13  “Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.  Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba  adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

Lendoda yendlala yadela ukuphila kwayo ngenxa yomkayo.Yabeka phezulu izifungo zayo zomshado ngaphezu kwayo ,kwayizo ezimayo ukuthi ebuhleni nasebubini ,ekuguleni nasekuphileni .

Lokhu ,yikho kanye thina  madoda esibizelwe ukukwenza .

Ngiyakholwa ukuthi lamagama ukhona umshado owodwa azowusindisa .

 Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge