... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubudlelwano Bothando Obunomzwangedwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 138:8 UJehova uyakufeza okwami,Jehova umusa wakho umi phakade,ungashiyi imisebenzi yezandla zakho!

Listen to the radio broadcast of

Ubudlelwano Bothando Obunomzwangedwa


Download audio file

Uzolusebenzisa kanjani usuku lwakho namhlanje? Uzobe ungungwe ngabantu kumbe uwedwa qhwaba…kumbe kokobili?  Noma ngabe usuku lwakho namhlanje luzoba njani ,kodwa kunento eyodwa emile .Ngeke ube wedwa.

UKhisimusi usengaba yisikhathi esingumzwangedwa kwabanye bethu ,bezizwe besele dengwane beshiywe ngabathandiweyo babo ,esikhathini lakhona ngabe babangungile ,kube yisikhathi sentokozo emndenini.

Kodwa akuhlali kunjalo.Ngisawukhumbula omunye uKhisimusi eminyakeni engu 25 eyadlula ,la ngazithola khona ngingenamuntu eduze.Ngavuka ngenza i-cofffee ,kodwa ngesikhathi ngiqhubeka ngilenza ngazizwela umzwangedwa ,kuthe cwaka endlini.

Ngakho ngahlala phansi ,ngazinika isikhathi noNkulunkulu.Kwavese kwehla izinyembezi ebusweni.Ngangigcwele umzwangedwa.Kodwa kuyo kanye lendawo engangizizwa ngingedwa ,okwathi uma ngizipha isikhathi noNkulunkulu ,kwehla into engingenakuyichaza ngamagama .

UNkulunkulu wavese wabakhona futhi wangigcwalisa ngobukhona baKhe nothando lwaKhe ngendlela ephambili ekhethekile.Kwakungakholakali.Uyazi eminyakeni eminingi,Ngiye ngokuya ngithola ukuthi sikhathi sinye kujula isidingo sami ,kusikhathi sinye lungihaqa ngokungachazekiyo uthando lwaKhe .

Kulezinsuku njalo ngoKhisimusi nginomndeni wami omuhle kakhulu esiba ndawonye nawo,kodwa angisoze ngawukhohlwa lowaKhisimusi engaba nawo nginomzwangedwa qede uNkulunkulu waba kunye nami kwaba wuKhisimusi  ophambili kakhulu ,yonke leminyaka lokho kuhlale kukusha kimi.

Amahubo138:8 UJehova uyakufeza okwami,Jehova umusa wakho umi phakade,ungashiyi imisebenzi yezandla zakho!! Ngakho noma kungathiwa uKhisimusi wakho ukuphatheleni namhlanje ,ngicela ukukukhuthaza  ubuyele eceleni ,ube wedwa noNkulunkulu phaqa,bese uyazizwela wena luqobo isimanga sobuKhona baKhe ,yebo isimanga sothando lwaKhe.

Bese kuthi ekwenzeni lokho usakwenza ,sengathi wena kunye nabathandiweyo bakho babe noKhisimusi oyibusiso ngokweqiniso elimangazayo.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge