... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngaphandle kobuhlungu asiyikuzuza lutho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba

Listen to the radio broadcast of

Ngaphandle kobuhlungu asiyikuzuza lutho


Download audio file

Uma ubhekene nesikhathi esinzima kulula ukungaboni ukuthi yikuphi uNkulunkulu akuqondile .Lokho kuliqiniso elimile.Kodwa ,ngamhla ubhekene nesikhathi esinzima ,yazi lokhu.UNkulunkulu kunomsebenzi akuwo ….umsebenzi ongento enhle kakhulu!

Uma kungathiwa kunento engiyenqenayo empilweni …wukuhlaba ngejubane .Uzakwethu uthi njengoba wabe esemasosheni ,wagijima kwenela ,uthi naye lendaba yejubane ivese imcobe amathambo ,ngoba akuwuzwa umzimba wakhe wakheke ngokokuba yimpangele ekhala igijima.Uthi usakhumbula izinkwantshu emadolweni ,ukunqanyukelwa ngumoya ,umuzwa oba sengathi amaphaphu  azovese aqhume qhu.

Kodwa uthi yena mangase nje umnike ubhakha wamasosha awuhlabe emhlane qede umnike  nomjojantaba wenganono  angahamba nawo ewuthwele amagquma namathafa, izinsuku ezinde engakhathali ,aze awadlule lamasosha amanye ayizindluzela uqobo agijima  u-waya waya,angaze akhathale wukugijima ede ezincengelile nje kancane yena eluthatha elubeka ,engakhathali.

Konke kuya ngokuthi uphikelela kanjani  futhi engicabanga ukuthi kuyelana nesakheko sakho  nokuthi nawe uzijuba ndlelani…..njengokuba umkhuzi wamasosha wayaye  amemeze athi kubo  : Ngaphandle kobuhlungu asiyikuzuza lutho –no pain no gain !

KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba

Leligama elibhalwe lapha lokubekezela lichaza ngqo ngqo ukuphikelela ngesineke ungakhathali,futhi ke yiyona ndlela enzima leyo ,yiyo kanye le eyenza kube sengathi azoqhuma amaphaphu akho.Kodwa uma siwakha lomfutho wokuphikelela ngesineke sibekezele ezikhathini ezinzima siwuhlanganise nokukhuthazela kweZwi likaNkulunkulu ….nebala kwenzeka into emangazanayo lapho.

INkosi uNkulunkulu wethu izale  ithemba ezinhliziyweni zethu elingasishiyi.Ithemba elingasiphoxi.

ukuze ngokubekezela (ngokuphikelela ngesineke)  nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge