... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kwenzele INkosi Lokhu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPethru 2:13,15, Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu….. Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Kwenzele INkosi Lokhu


Download audio file

Uma kukhona into eyodwa ubhubhane oluyenzayo  ekufakeni ingcindezi esizweni  ,uhulumeni nakubantu ngabanye ,wukudala ungqubuzano .Lokhu sikubonile emhlabeni kwenzeka kulezinyanga ezedlule .Sikubonile ngisho eduze nala sikhona ,ingcindezi idala ungqubuzano .

Ngakho yikuphi esimelwe ukukwenza ? Ngakuba simelwe ukucimeza sivese sivumelane nobuholi bezepolitiki  obubi? Ngakube sisukume sikhulume? Kumbe ,sihlale phansi sizithulele ,singanaki ngisho nala khona abaholi bethu bengenzanga kahle .Akukho lula ,angithi? Kuthi uma umphostoli Phethru ebhalela amaKhrestu angalesosikhathi ayesekucindezelekeni ngenxa kahulumeni owawusemagunyeni  ngalesosikhathi uthi : 

1 EkaPhethru 2:13 Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu….. Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.

Yebo nebala zikhona izikhathi lakhona sidinga ukukhuluma simelane nokungamaphutha .Kodwa imvamisa ngiye ngibone abazibiza ngaMaKhrestu   ngibabone besho amagama abilayo kuleyanhlangano kumbe kulowamholi .Kungani ? Kungenxa yokuthi njengokuba i-social media iyilokhu eyikhona sibukeka singeniseka ekugcwaleni intukuthelo  nokugxeka zikhathi zonke . 

Bekunganjani, uma thina esizibiza ngegama likaKhrestu – AmaKhrestu – sisebenzise izimpilo zethu ukwenza okuhle ? Ukulalela uhulumeni  ngenhliziyo enhle ,ngisho nala khona singavumelani naye .Sikhethe ukungabi yingxenye yabashova baxove udaka olungcolisa wonke umuntu .Futhi okuthi uma sizwa ukuthi kusemqoka kulesosikhala ukukhuluma ngobubi bukahulumeni ,sikwenze lokho sigcwele inhlakanipho nangothando.Bekungaba njani nje ? 

Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..