... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuhle Emoyeni Wami (3)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 2:14 Esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni.

Sewuke ube nawo lomuzwa ongemnandi wokuthi engathi kunento ehlasimulisayo izokwehlela ? Kodwa uvese uthole ukuthi ungalindele ,kube nento eyenzekayo eqeda ukwesaba kwakho  ebese lomthwalo omkhulu usuke emahlombe akho . 

Kuyiminyaka ngisengumfana ,ngangazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kodwa ngangesaba ukuya kuYe ngenxa yesono sami;ngoba ngangazi ukuthi indlela engabe ngiphila ngayo impilo yami izoletha ukwahlulela kwakhe  ngamandla phezu kwekhanda lami . 

Mhlampe unento empilweni yakho oyaziyo ukuthi ayimthokozisi uNkulunkulu ,ngakho lomuzwa wovalo uyakudla emphufumlweni wakho .Nanti ivesi lesithathu lalelihubo elihle elithi  : It is Well With My Soul –Kuhle emoyeni wami …elibhalwe nguHoratio Spafford esikhathini empilweni yakhe lakhona alahlekelwa cishe yikho konke okwakuyigugu kuye . Ibhizinisi lakhe ,umnotho wakhe,zonke izingane zakhe ezinhlanu zafa .

Nokho okwathi  uma ebona uJesu amenzele khona ,qede wacula wathi …

Isono sami ,yeka lomcabango okhazimula kangaka ! Isono sami ,sonke hhayi ingxenye ,sesibethelwe esiphambanweni,futhi angisasithwele,Dumisa iNkosi ,Dumisa iNkosi ,Oh mphefumulo wami ! 

Futhi  yebo nebala kungumcabango okhazimulayo ukuthi sonke isono sethu ,hhayi ingxenye,sesisusiwe emahlombe ethu .Ngani? Ngoba sabethelwa esiphambanweni  ngalokho uJesu asenzela khona ,ukuze thina singaphinde sisithwale sanhlobo . 

KwabaseKolose  2:14 Esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni.

Dumisa iNkosi ,Dumisa iNkosi ,Oh mphefumulo wami ! 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy