... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izinhlelo Zaphezulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 4:3-8 Yamuka eJudiya, yaphindela eGalile. Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya. Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.

Kunezikhathi empilweni lakhona izinto esizenza usuku nosuku ngokwejwayelekile zivese ziphenduke uhlelo lwaphezulu ngalelolanga . Futhi uma sinamehlo nezindlebe ezivulekile ,lezinhlelo zenzeka kaningi ningi kunala singaboni khona. 

Yingakho kungamangazi ukuthi uJesu naYe waba nalo usuku olwaba ngolohlelo lwaphezulu sikhathi simbe:

NgokukaJohane  4:3-8Yamuka eJudiya, yaphindela eGalile. Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya.  Khona wafika emzini  waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. 

Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi.

UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”  Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.

UJesu wayenohambo olwalumbiza aluthathe .Lwambiza ukuba aluhambe ngendlela yaseSamariya .AmaJuda ayengatholani naMaSamariya.Ekwenzekeni kwezinto ,uJesu wagcina esenalowesifazane waseSamariya bebodwa kulomthombo wamanzi.Wayelambile,ekhathele,kodwa wayazi emoyeni waKhe ukuthi lolu wuhlelo lwaphezulu  -divine appointment.Sisaqhubeka sixoxa ngokwaqhubeka kwenzeka ,ezinhlelweni zethu kulezinsuku .Kodwa  okwamanje iphuzu lokuqala lethu lithi wabona ithuba .Njengokuba omunye umhlaziyi weZwi eyibeka athi :….

Inhliziyo egcwele ukumsebenzela uNkulunkulu iyaluxhuma uhlelo lokwenzeka kwezinto ngokwaphezulu .Kuyinto le ejulisanayo ukwazi ukuthi sisuke singahlangani neshlahla nje masihlangana nomuntu ngamunye ,wonke umuntu esihlangane naye ngamunye uzophila ingunaphakade, kukanye enkazimulweni kumbe ekulahlekeni kwafuthi . Lenhliziyo egcwele ukumsebenzela uNkulunkulu iyakuzwa lokhu qede isondele kumuntu ngamunye ehlangana naye ukumsondeza eNkosini .

Yiba namehlo akho nezindlebe zakho zivuliwe .Ungaphanjwa yilawa ma divine appointment okuhlangana nesidalwa esingumuntu esingunaphakade .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy