... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Induduzo KaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 55:22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho ,uzakukuphasa ,akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe .

Listen to the radio broadcast of

Induduzo KaNkulunkulu


Download audio file

Ake ngikubuze lokhu.Yimiphi imithwalo oyithwele emahlombe akho njengamanje ? Yiyini le ekudonsela phansi ,uma singabeka kanjalo? Iyini into eyodwa empilweni yakho  ongaphila ngaphandle kwayo ? 

Kwesinye isikhathi kuba wukucikeka okuyisimbelambela okusihlaselayo ,kwesinye isikhathi kube ngukwengameka okuyisivunguvungu esinamandla .Senze njani-ke lapho ? Sikhala kuNkulunkulu . 

Nkulunkulu …guqula lokhu ,lungisa lokhu ,kwenze kuhambe Nkosi ! Nkosi kungani ungangilalele?  Kungani kuthatha isikhathi eside ? 

Nebala kuyimvelo ukufuna ubuhlungu buhambe .Kodwa kwesinye isikhathi ubuhlungu buyithuluzi elisemqoka ezandleni zikaNkulunkulu oluthando .Mhlawumbe indlela engcono ukukwazi ukubhekana nalokhu kungaba ….

Amahubo  55:22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho ,uzakukuphasa ,akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe .

Ngamanye amazwi ubhekene nomthwalo  [ngokwamagama ngqo achaza lo owunikwe nguYe  -awukucabange nje lokho!] sinokukhetha okubili .

Singacela uNkulunkulu awususe ,kodwa manje lokho kungase kwenzeke kungabi yintando yaKhe ,kumbe kusengaba noma kungabi yisikhathi esifanele salokho .Kumbe okunye okwehlukile kungaba wukuphonsa sibuyisele kuYe umthwalo asinike wona .LoNkulunkulu ,kuYe engekho into enkulu  .LoNkulunkulu okuthanda ngaphezu kokuba amagama ubengachaza ,oyokunakekela ,ongayikuvuma ukuba wengameke ugubuzeleke .

Umshumayeli owabe eyisihlakaniphi esase sikhulile  ogama lakhe ngu  S.H.B Masterman wake wathi Imvamisa uNkulunkulu usiduduza ,hhayi ngokuguqula izimo zokuphila kwethu ,kodwa ngokushintsha i-attitude yethu ngazo .

Kwesinye isikhathi isizathu kanye ukuba asiphonsele lowomthwalo emahlombe ngukusiguqula okungakhona ukwenzeka kuphela ngomthwalo asinika wona . 

Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho ,uzakukuphasa 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..