... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

I-excellence uma iqhathwaniswa nokuba Perfect

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Johane 1:8 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Perfectionism is excellence blended with a not so healthy dose of arrogance and self-delusion.

Listen to the radio broadcast of

I-excellence uma iqhathwaniswa nokuba Perfect


Download audio file

I-excellence iyodwa ,kungokunye okwehlukile ke uma usukhuluma ngobu-perfect [ukwenza into kungabikho ngisho incaphephe encu] .Sonke sinabo o-perfectionist abahlale njalo besiwayinda besikhandele ukucikeka ,abahlale besiqhoqhobele basizwise ubuhlungu ezikhathini eziningi.

Angikubingele ngikwamukele engosini Efresh nginguSbonelo BT Ngema egameni lika Berni Dymet .Angikusho ukuthi nami ngibuya khona ekubeni yi-perefectionist.

Amaciko aye  athi into enhle mase iyisidadada ingagcina isiyimbi.Ukuthi hlephu iqhuzu noma amabili ka-chocolate ,kuyinto enhle.Kodwa mase udla,,mase ulokoshela wonke ophelele zonke izinsuku kancane kancane nje qephu qephu ,sekuyisidada ke leso sekwedlulele.

Kuba kanjalo futhi nakwi-excellence.Ndlelazonke simelwe ukwenza ngamandla ethu wonke ukushaya into yezinga eliphezulu kukho konke esikwenzayo nangesikhathi sonke esisiphiweyo.Noma yikanjani ! Kodwa kukhona umehlukwana la omncane ongewunake mawungaqapheli lakhona  esisuke sesingasekho ekubeni ngaba –excellent kodwa sesifuna ukuba ngaba –perfect  .

Lokho kubi kakhulu.

Yebo ngiyazi ,lokhu engikushoyo kusengachukuluza abanye ,njengokuba ngishilo ukuthi nami ngiyisiguli esibuya kuyo i-ward yokuba yi –perfectionist wena ongafunga ngincimishi nomuntu osahlumelela isimilo emva kokuthi kade ecwila ngamadevu  kusale isiphongo ngaphandle eyinkambeni. Nami ngisaqikelela uma sekuziwa kulesihloko ngoba bekuyikhonco lami leli.Manje pho umbuzo uzothi ukephi umehluko phakathi kwe –excellence ne –perfectionism ? Nanku la ukhona :

1 Johane 1:8 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.

Uma sesiqala sikholwa yinkoleloze yethu,uma siphila ngokunganaki ngokokuthi akukho siphosiso esingasenza ,sithi yileza phukuphuku leziya ezingakwazi ukuphila ngokwezinga lami eliphezulu elinganachashazi,yibo laba abayinkinga…uma kunjalo nakanjani sesiyazi sesigudlukile ekubeni excellent  [enhle] saya ekubeni ngaba perfect [okubi ]  .Phela uma kunjalo silimaza ubudlelwano babantu esiphila nabo ,sikhanda iququ lempongo uqobo elinuka igceke lonke ,sigcina lapho sesingozithethelele sikwenza lokho egameni  le-excellence yobuNkulunkulu .

Asithole nasi isambulo namhlanje .Ubu-perfectionism  busuka buwuhlobo lwe excellence ,eyenganywe wukutumazela obungenampilo bokuphika ubuqiniso qede ugcwale ukuzikhohlisa ,Ngakho ,

Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi..

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy