... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ayikho Komunye Insindiso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 4:12 “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

Listen to the radio broadcast of

Ayikho Komunye Insindiso


Download audio file

Kungani ukuthi ngokulokhu sihamba isikhathi ubuKhrestu ,AmaKhrestu abukelwa phansi ? Kulokhu kuqhubeka abe ngabekwe le kude eceleni? Kulokhu kuqhubeka eba ngayisikhubekiso kwimiqondo yokuphila noma kanjani ? Kungani lokho ?

Phambilini abantu abaningi babeya enkonzweni . Ngiyazi  ukuthi kwamanye amazwe  akunjalo kodwa kuleli kwakunjalo kunye namanye . Abantu abaningi babekholwa ngukuthi imithetho elishumi yabe iyinhle hhayi nje ngokomthetho kodwa nangokwempilo jikelele.

Kodwa ngesikhathi imiphakathi ikhula ezintweni ,inkululeko yomuntu ngayedwana ,yiyo esisemqoka kakhulu, umqondo wobuKhrestu ubekwa eceleni ,kwesinye isikhathi uvalwa ngisho umlomo. Emazweni amaningi  nakuleli lakithi ,sekunzima ukukhuluma ukhululeke ngezinto ezingoNkulunkulu. Lezozinto zibukeka zinjengezikhubekiso kwabanye.

Akusikho lokhuya kukhululeka manje ,kukhona lento eyodwa ebakhubekisa tuh:

Izenzo  4:12  “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

Uyakukholwa lokho? Mina ngokungananazi ngiyakukholwa. Ngenhliziyo yami yonke ngiyazi ukuthi uJesu nguYe yedwa oyindlela eya kuBaba, ngoba ngokuzinikela ngegazi laKhe kulesosiphambano izono zami nezakho ,uma ukholwa sezahlawulelwa . 

Ukumemezela  nokukholwa ngokukodwa okuliqiniso lokho kuyabakhuba abantu ngoba sekuyisikhathi sokuthi konke ‘kungamaqiniso’ noma ubani uthatha elithandwa nguye iqiniso,okungumqondo omi ngenkululeko yomuntu ngayedwana ngokwemizwa  yakhe ,esikhundleni sobuqotho beqiniso elimiyo elingenakuphikwa elilodwa. 

Kodwa iqiniso limile lokuthi uJesu nguYe yedwa phaqa .Mzalwane wami ungavumeli ukugxekwa ,nokuhlushwa ,nokudunyazwa kukugudluze kuleloqiniso elimiyo .

UJesu nguye yedwa oyindlela!   Ayibongwe iNkosi ! 

Insindiso ayinakutholwa komunye .Mhlampe uyahlushwa ngenxa yalokho,yima emkhulekweni uqine ,nathi sinawe,ungapheli mandla .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..