... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Okuba Ngcwele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 3:17 INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Okuba Ngcwele


Download audio file

Ukunqoba phezu kwesono ,ikakhulukazi leso esilokhu sibuya sizogeva ngamazinyo aso ,yinto le kolunye uhlangothi eyisiphetho esikade senzeka ,kodwa ngakolunye uhlangothi ikhohlisa abalandeli abaningi bakaKhrestu . 

Yinkanankana yenkinga ,akunjalo? UJesu wasikhulula kodwa siyaqhubeka siyona .Ngakho ake sikhulume kuqala ngaleliqiniso lokuthi uJesu usikhululile emandleni esono.

KwabaseRoma  6:6Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye

naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono

Nansi la ikhona ,icace bha – amandla esiphambano asikhulula  emandleni esono .Izolo sikhulume ngamandla omqondo wethu ngokweqhaza odingeka ulidlale kulokho .Ubuhle  bomqondo ngukuthi wakheke ngendlela yokukwazi ukuguqula imigudu osuhambe ngayo iminyaka qede ukhande emisha  ezikhathini lakhona sesenza izinqumo ezintsha ezinhle . 

UNkulunkulu wakhe imiqondo yethu ukuthi sikwazi ,uma siphikelela ,siguqule  imikhuba yemihla engalungile qede sifake emisha emihle . 

Kodwa yingxenye yokuqala eyodwa leyo esikalini  sokukhululwa emandleni esono ,leligama elisekusebenzeni lapha ngelithi amandla . Ngoba umangase mina nawe sicabange  ngendlela yobungcwele ngokwethu ,besingeke simdinge uJesu ukuzosikhulula .Sidinga amandla .Amandla empela .Ngena Moya Ongcwele : 

2 KwabaseKhorinte  3:17 INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

Mina nawe asikwazi ukukwenza lokhu ngamandla ethu .Sidinga amandla kaMoya Ongcwele .UNKulunkulu ubehlale ekwazi lokho . Yingakho wathulula uMoya wakhe ngokuchichimayho kithi ngamhla sesikholwe nguJesu .

Lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy