Kunomjaho Esimelwe Ukuwumgijiho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
KwabaseFiliphu 3:14 Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
Ngakho njengokuba usulungela ukungena onyakeni omusha ,ngingakubuza ukuthi ikephi intambo engumugqa la ozoqeda khona ? Kunini lakhona umgijimo wakho ozophelela khona ?
Mhlawumbe ungakubona kubheke eceleni ukukhuluma ngomugqa wokuqeda umgijimo wethu ekubeni sibe siyila sisazoqala umgijimo wethu woqalonyaka. Kodwa asethembeke .Sonke sinomugqa wokuphetha okungukuthi iningi lethu alazi kukuphi la esithi khona hhayi sesiyishayile intambo .
Ngakho sigcina siqhubeka siphila ngokokungathi asikho isikhathi sokushaya intambo kulomgijimo wethu emhlabeni .Kodwa ekugcineni nebala sizoyishaya intambo qede uphele umgijimo ,sisengayishaya ngokuphuma komphefumulo suku lumbe kumbe kube ngukufika kukaJesu .
Ngakho yikuphi ozokwenza kwiphakathi lemanje nesikhathi sokushaya intambo kwakho ? Uzowugijima kanjani umgijimo wakho ? Ngakube uzogigeka ubambeke ezintweni zakulomhlaba ,kumbe uzobe amehlo uwathe nje emklomelweni ongale kwentambo? Sesikuzwile lokho kuchaza ukuthi ukushaya intambo yethu kungaba noma nini ngakho kulonyaka asiphile sibhekile umklomelo ngale komgijimo ,akube yikho okuseqhulwini lokuphila kokugijima kwethu .Uzowugijima kanjani umgijimo wakho ngonyaka ozayo ? UPhawuli umphostoli ubhala athi …
KwabaseFiliphu 3:14Ngijonge emgomeni,
emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
UNkulunkulu unempilo emangazanayo ngawe kusuka manje kuya emaphakadeni .Yiba ngomehlo akhe uwathe njo emklomelweni ungaphazanyiswa lutho usagijima ,phokophela ukushaya intambo ,zinikele ,ukhonze ngoyikho ,ukhazimulise uNkulunkulu wakho ngempilo yakho .Ngoba umklomelo –impilo engunaphakade unoJesu –ikufanele lokho kugijima .
Qhubeka ugijima kanzima
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.