Faka Ukulangazelela Okuhle Esikhundleni Sokwesaba Ongakwazi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Amahubo 18:3-6 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo ngisindiswe ezitheni zami.Izintambo zokufa zangizungelezela ,izikhukhula zokona zangethusa . Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza ,izihibe zokufa zangehlela .Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova ngakhala kuNkulunkulu wami ;walizwa izwi lami esethempelini laKhe ,ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe .
Faka Ukulangazelela Okuhle Esikhundleni Sokwesaba Ongakwazi
Download audio file
Ngivumele namhlanje ngihambe nawe izwi nezwi ngomuzwa wokwesaba okungakwehlela kusasa ongakwazi . Kukubuyisela endaweni obile kuyona phambilini ,ukwesaba nokuzinyeza ngokungasekwenzeke ongakwazi empilweni .
Lomuzwa wokwesaba ongakwazi okungakwehlela ngumuzwa sonke okungathi masinikwe kahle ithuba sithi asifuni ukubuyela kuwo ? Kodwa manje okuthi uma kulokhu kuqhamuka izesabiso ,imimango yokuphila nezingozi yenza sesabe kakhulu okungasehlela
Nakuba ukwesaba kuyi response enhle edaliwe ukuze sivikeleke ,uma ubeke ithemba lakho kuJesu , lomuzwa wokwesaba ongakwazi umelwe ukukunqoba .
Ake silalele inkosi uDavide eyabhekana neminyaka eminingi empilweni yayo kunezesabiso .Iminyaka ,awukucabange lokho kukodwa nje .
Amahubo 18:3-6 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo ngisindiswe ezitheni zami.Izintambo zokufa zangizungelezela ,izikhukhula zokona zangethusa .
Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza ,izihibe zokufa zangehlela .Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova ngakhala kuNkulunkulu wami ;walizwa izwi lami esethempelini laKhe ,ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe .
UDavide akazange abe namahloni ukuveza ukwesaba kwakhe .Kwabe kuyinto yoqobo ayivezayo.Kodwa ngesikhathi ekuthulula kuNkulunkulu ….kuya ngokuya ubona ukuthi ukwesaba kwakhe angakwaziyo kuphenduka ukulangazelela .
Ngesikhathi ephakamisa amehlo ewadlulisa ezesabisweni ezaziphambi kwakhe qede awabhekise kuNkulunkulu ophezulu kwakho konke ,inhliziyo yakhe yayithola ukuqiniswa .Waqala wabheka ngokulangazelela lokho uNkulunkulu angakwenza .Yilokho okwenzekayo mawukuthandaza .Ukusaba izinto ongazazi ezingakwehlela kuphenduka kube ngukulindela nokulangazelela usizo kuNkulunkulu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.